Uzowashayela ejele amathini ongungqondongqondo wabadayisa ngomzimba

2016-12-29 18:01

North West - UCharles Chukwukere Okopie ubhekene namacala okushushumbisa abantu.

Lokhu kulandela ukutholakala kwabesimame abngu-26 okubalwa kubo nezingane zamantombazane ngesikhathi oKlebe bagasela emzini wakhe.

U-Okopie wabushwa ngemuva kokuthi oyedwa walaba besimame ekhombe yena njengomunye wabantu abaphethe kule ndawo.

Laba besimame bahanjiswe endaweni ephephile lapho bathola khona ukwelashwa kanye nokwelulekwa.

OLUNYE UDABA:OKlebe basindise amantombazane angu-26 emzini ohlala abaqwayizi

Iningi labo kutholakale ukuthi bebenikezwa izidakamizwa nezinye izinto, kubika iNewswatch.

Okhulumela uphiko loKlebe eNorth West uTlangelani Rikhotso uthe leli cala lihlehliselwe unyaka ozayo.

"Umsolwa uzogqunywa ezitokisini lize libuyele enkantolo icala lakhe ngomhlaka 9 kuJanuwari 2017 lapho azofaka khona isicelo sebheyili.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...