Uzovela owayeqola uhulumeni ekhokhela amathenda angakaze akhishwe

2017-07-13 19:29

Bloemfontein -  Uzovela ngoLwesihlanu osebenzela uMnyango wezokuSebenza uvele enkantolo iBloemfontein Commercial Crimes Court.

Lesi sisebenzi sibhekene namacala okuqola nokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R1.4m.

Okhulumela oKlebe uKaputeni S'fiso Nyakane uthe umsolwa oneminyaka engu-36 ubesebenzela ehhovisi lesifunda eBloemfontein kanti ubanjelwe eFicksburg nokuyilapho abecashe khona ngemuva kokuzwa ukuthi ufunwa amaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa umsolwa kwalimala abane bezama ukuduna imoto

"Kuthiwa usolwa ubesebenzisana nosomabhizinisi ophakela lo mnyango umsebenzi bakhwabanisa imali engango-R1.4m bekhokhela amathenda angakhe bethi akhishelwa le nkampani.

Usomabhizinisi yena wabanjwa emngceleni waseLesotho esezolishiya elakuleli.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Rain late. Mostly cloudy. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-24°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-27°C Sunny. Warm. PE: 12-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...