Uzovela osolwa ngokugqema intombi ngembazo

2016-03-07 14:34

Eastern Cape – Amaphoyisa aseMsobomvu abophe owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ngezinsolo zokubulala intombi yakhe eneminyaka engu-34 ubudala, kubika iSABCNews.

Kuthiwa omakhelwane bepulazi iManona eButterworth bavuswe umsindo wowesifazane ehayiza phakathi kwamabili.

Bathi benikela khona omakhelwane bathola umzimba wowesimame udindilizile futhi unezingozi babikela amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Ona-15 kwelokuklabha abulale ngembazo

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Jackson Manatha uthi umsolwa watholakala endlini ephethe imbazo nokuyisikhali okukholakala ukuthi isona esasetshenziswa ukubulala lo wesimame.

"Sisola ukuthi lezi zithandani zibe nengxwabano eholele kulesi sigameko,” kusho yena.

Le ndoda ithweswe icala lokubulala futhi kulindeleke ukuba ivele enkantolokaMantshi eButterworth, kusho uManatha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...