Uzovela ngoMsombuluko ubaba ojikijele ingane yakhe ephezu komjondolo

2018-04-13 14:00

Port Elizabeth - Ubaba wasePort Elizabeth okujikijela ingane yakhe phansi, ephezu komjondolo engafuni kudilizwe imjondolo eyakhiwa ngokungemthetho uzovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngoMsombuluko.

Lo baba, 38, ujikijele ingane enonyaka izelwe yakhe phansi ephezu komjhondolo ngoLwesine ezama ukuba bangakhishwa emjondolo wakhe yaseJoe Slovo endaweni yaKwadesi.

Umsolwa uzogcinwa esitokisini aze avele enkantolo.

OLUNYE UDABA:Ugcinwe esitokisini ubaba ojikikele phansi ingane ephezu komjondolo

Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ngesikhathi kudilizwa imijondolo eyakhiwa ngokungemthetho Joe Slovo kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

Ivideo esabalale ezinkundleni zokuxhumana nezithombe zitshengisa le ndoda ijikijela ingane yayo iphezu komjondolo. Ngenhlanhla, amaphoyisa akwazile ukuyinqaka.

Ingane isinikwe umama wayo.

Inqubo yokudilizwa kwezakhiwo ngoLwesine yingxenye kamasipala yokulwisana nokudla umhlaba.

Kudilizwe izakhiwo ezingu-90, kusho amaphoyisa.


 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...