Uzovela ngoLwesibili osolwa ngokubulala uthishanhloko eChartsworth

2017-09-24 09:57

Durban - Izakhamuzi zaseChatsworth zithi zizolibangise enkantolo ngobuningi bazo uma sekuvela umsolwa obandakanyeka esigamekweni sokubulawa kwalowo owayenguthishanhloko.

UGona Pillay wagwazwa wabulawa ngesihluku emzini wakhe oseSilverglen.

Kwalimala kanzima umyeni wakhe, uLogie.

OLUNYE UDABA:Kubulawe uthisha ngomcibisholo - Umbiko

Amaphoyisa abophe umsolwa ngemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke isigameko.

UBrandon Pillay we-Bayview Community Policing Forum uthe umphakathi usanethemba lokuthi kusazoboshwa abanye abasolwa maduze.

"Siyabonga ukuthi ukhona umsolwa oboshiwe. Sifuna baboshwe bonke. Uma lo msolwa esevela ngoLwesibili, sizobesikhona ngobuningi bethu," usho njalo.

UPillay wayenguthishanhloko wesikole iSouthlands Secondary. 

Lezi zithandani zihlaselwe yiqeqebane labasolwa abebezenza abanentshisekelo yokuthenga umuzi.

 - Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Isangoma sase-KZN sisolwa ngokudlwengula

Emizuzwini eyi-39 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...