Uzovela enkantolo owabulala izithandani ngomkhonto engaphandle ngoshwele

2018-01-29 19:25

Durban - Uzovela okwesibili eNkantolo yeMantshi yasoBombo owesilisa waseHluhluwe ngoLwesithathu njengoba ebhekene namacala amabili okubulala nokuqala umlilo ngamabomu.

UPitol Zamani Gumede, 26, wagqunywa esitokisini ngemuva kokuvela okokuqala enkantolo ngomhlaka-23 Janiwari nonyaka.

"Ngomhlaka-26 Disemba 2017 ebusuku, izisulu ezimbilo oMzamo Mbuyazi, 20, nentombi yakhe uSibongile Ntshangase, 32, babelapho behlala khona eMduku, khona eHluhluwe, ngesikhathi behlaselwa ngumsolwa," kusho isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Kuthiwa umsolwa wabe esegwaza lezi zithandani ngomkhonto wase okhela umuzi wazo ngomlilo, ziphakathi.

"Zombili izisulu zashonela endaweni yesigameko kwase kuvulwa amacala amabili okubulala nelokuqala umlilo ngamabomu. Abaseshi bakwazi ukwenza uphenyo olunzulu, zagcina zimkhalelile umsolwa," kuqhuba isitatimende.

OLUNYE UDABA:

Amaphoyisa athola ummese nomkhonto okusolakala ukuthi kwasetshenziswa kulesi sigameko.

Kwabe sekuvela ukuthi umsolwa wake wagwetshelwa ukudlwengula ngaphambilini wabe esededelwa ngebheyili. "Kuthiwa umsolwa ubulale lezi zisulu ngenxa yomona," kusho isitatimende.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukushayele ihlombe ukuboshwa okube ngumsebenzi wamaphoyisa aseHluhluwe.

"Ngiyasigxeka kakhulu isihluku esitshengiswe ngumsolwa. Ukuziphatha okunje akwamukelekile kanti amaphoyisa azosebenza ngokungakhathali ekuphenyeni leli cala kuphinde kuqinisekiswe nokuthi umsolwa liyamgojela icala," esho.


 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...