Uzovela enkantolo osolwa ngokudlwengula abafundi enyuvesi

2017-10-06 07:47

Port Elizabeth – Umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi ePort Elizabeth ngoLwesihlanu ngecala lokudlwengula nelokushaya abafundi ababili eNelson Mandela University.

Umsolwa oneminyaka engu-29 ubudala ubhekene namacala amabili okudlwengula, elilodwa lokubamba inkunzi, elokugqekeza kanye nelokutholakala nempahla eyebiwe.

Umsolwa uboshwe ezama ukudayisa i-computer eyebiwe.

OLUNYE UDABA: Kulimale abantu abane kubanjwa inkunzi isitolo samaselula eMall

Umsolwa uphinde watholakala neselula ayeba komunye umfundi.

Isigameko saqubula umbhikisho enyuvesi, abafundi befuna kuqiniswe ezokuphepha.

Abafundi ababili babefunda e-computer lab ngesikhathi sesigameko.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...