Uzovela enkantolo osolwa ngokubulala isisebenzi sakwa-Eskom

2017-06-26 11:01

Johannesburg – Owesilisa oboshwe ngecala lokubulawa kwesisebenzi sakwa-Eskom, uThembisile Yende, kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi eSprings ngoMsombuluko.

UDavid Ngwenya, obhekene necala lokubulala, unqatshelwe ibheyili ngesikhathi evele enkantolo ngokwedlule.

UNgwenya, 43, uboshwe eCarletonville ngoJuni 15.

Isidumbu sikaYende satholakala ehhovisi lakhe ngemuva kokuba abasebenzi bakwa-Eskom bezwe iphunga elingelihle.

OLUNYE UDABA: 'Abazali abayeke ukusebenzisa umuthi ukuvikela izigebengu'

Kwakubikwe ukuthi unyamalele ngoMeyi 7.

UYende waqala ukusebenza kwa-Eskom ngoDisemba 2015.

Ukuhlolwa kwesidumbu kwaveza ukuthi uYende wayelimele ekhanda futhi wayenemihuzuko emqaleni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...