Uzovela enkantolo kusasa ohlasele obelamula

2017-09-18 14:03

Johannebsurg - Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-26 ubudala ngokuphanga nokushaya ngemuva kwezinsolo zokuhlasela indoda egxambukele odabeni lodlame lwasekhaya.

Esitatimendeni samaphoyisa, okhulumela amaphoyisa, uCaptain Xoli Mbele, uthe le ndoda iboshwe ngeSonto ngemuva kwezinsolo zokugwaza isisulu, 36, ukusishisa nge-ayina ebusweni nokusibamba inkunzi imali engu-R4 000 owawusephakatheni.

Isigameko senzeka ngezithuba zabo-17:00 ngoMgqibelo ebhilidini elisekhoneni likaWanderers noDe Villiers Street.

OLUNYE UDABA:Usale ethukile uthisha obanjwe inkunzi emagcekeni esikole

"Isisulu sasiyovakashela umngani waso ohlala kulo leli bhilidi okwenzeke khona isigameko; safika kunenye indoda nowesifazane. Ngesikhathi siselapho, le ndoda ibe isishaya intombi yayo phambi kwesisulu. Isisulu sabe sesiyalamula, le ndoda yayovalela intombi yayo ekameleni layo lapho eyaqhubeka khona nokuyishaya," kusho uMbele.

"Bezwa intombi ihayiza, bangena bayoyilamulela futhi. Bayikhipha intombi ekameleni. Le ndoda yabe isigxavuna isisulu yasigwaza, yasishisa nge-ayina ebusweni yabe isisiphuca imali engu-R4 000 owawuku-wallet. Isisulu sakwazi ukubaleka. saphuthunyiswa esibhedlela, lapho esalashwa khona maqeda sagodukiswa."

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngoLwesibili.

- ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...