Uzothola isinxephezelo sika-R850k owadlwengulwa yiziboshwa ezeqa ejele

2017-06-22 16:00

Mpumalanga - UNgqongqoshe wezamaJele uyalelwe ukuba akhokhe imali engango-R850 000 yesinxephezelo sowesimame waseMpumalanga.

UMahluleli uVivian Tlhapi uthi lesi sinxephezelo sizokhokhelwa lo wesimame kulandelwa ukuhlaselwa yiziboshwa ezimbili emzini wakhe zamdlwengula.

Lo wesimame oneminyaka engu-33 ubudala wayefuna inhlawulo ka-R5 million ngemuva kokuthi iziboshwa ezimbili ezinobungozi zeqa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo.

UHenry Mnisi noColin Makhubela (odume ngelikaSibusiso Moshego), beqa kulesi sikhungo ngokusika uthango maqede bayogqekeza emzini ohlala lo wesimame nesoka lakhe, eBarbeton.

OLUNYE UDABA:http:Sithi asikwazi nokuhlala isalukazi 'esidlwengulwe umakhelwane'

UMnisi wayegwetshwe iminyaka engu-40 ngamacala okudlwengula, ukugqekeza kanye nokweba kanti uMakhubele yena egwetshwe iminyaka engu-45 ngamacala okweba nawokuzama ukubulala.

Ngokwemibiko kadokotela oweluleka ngokwengqono, lo wesimame wayelele ngalolo suku waphaphama sekunendoda ehleli embhedi wakhe.

Kuthiwa le ndoda yambopha izandla nezinyawo ngaphambi kokuba imdlwengule.

Lezi ziboshwa zabaleka nomakhalekhukhwini ababili kanye nemali, kubika i-The Citizen.

Ngesikhathi kuqulwa icala lesinxephezelo, kutholakale ukuthi izisebenzi zoMnyango wezamaJele zahluleka ukugcina lezi ziboshwa endaweni lapho kugcinwa khona iziboshwa ezinobungozi kakhulu futhi zahluleka nokuzigada ngendlela efanelekile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...