Uzosifaka ngenyanga ezayo esebheyili udokotela osolwa ngawokudlwengula

2016-09-29 11:37

Cape Town - Kulindeleke ukuba afake isicelo sebheyili ngenyanga ezayo udokotela waseNyanga osolwa ngokudlwengula isiguli. 

U-Oluwabusuyi Babalola usebenza emtholampilo waseNyanga.

OLUNYE UDABA: Udokotela kwelokudlwengula eKZN

Lo dokotela uvele ngoLwesithathu enkantolo ngamacala amane okudlwengula kanti ligcinwe esitokisini.

Ummeli kaBbalola unxuse ukuba ikhasimende lakhe lidedelwe ngebheyili ngoba yilo elinakekela umndeni walo, lishadile futhi linezingane ezimbili.

Inkantolo itshelwe ukuthi lo dokotela wahlukumeza ngokocansi isiguli esasiye emtholampilo waseNyanga esasikhala ngobuhlungu bomgogodla.

UBabalola kuthiwa watshela lo wesifazane ukuba alale embhedeni la okusolwa khona ukuthi wabe esemnukubeza ngokocansi ngaphambi kokumldwengula.

UMbuso uthi kungenzeka lo dokotela abhekane namanye amacala okudlwengula njengoba kusalindwe eminye imiphumela yophenyo yango-2014.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...