Uzophinde avele enkantolo osolwa ngokubulala umama nendodakazi

2017-07-17 07:21

Cape Town – Owesilisa osolwa ngokubulala umama osemncane kanye nendodakazi yakhe kulindeleke abuyele eNkantolo kaMantshi e-Atlantis ngoMsombuluko.

UWilfred Oliphant, 35, ubhekene necala lokubulala u-Octavia Skippers, 23, kanye nendodakazi yakhe eneminyaka emibili ubudala uCleo Skippers.

OLUNYE UDABA: Kushone 27 wabantu kuketula isikebhe

Izidumbu zabo zatholakala esigangeni esiphakathi kwaseProtea Park naseWitsand, ngalapho behlala khona e-Acacia Crescent kanti amakhanda azo ayegqitshwe ngesihlabathi.

U-Oliphant akazange asifake isicelo sebheyili ngesikhathi evele enkantolo ngoJuni 2.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-29°C Showers early. High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C a few showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...