Uzongcwatshelwa kubo umhlengikazi owabulawa umyeni wakhe

2016-04-29 07:33

Port Shepstone – Uyise womhlengikazi uThabisile Daysen Doyisa uthe umngcwabo wendodakazi yakhe uzobanjelwa ekhaya kubo ePort Shepstone ngale mpelasonto yize umndeni womyeni wakhe ufuna ukuthi angcwatshelwe emzini.

UFuze Doyisa ubekhuluma emcimbini wesikhumbuzo wendodakazi yakhe esibhedlela i-Edendale ePietermaritzburg. 

Lo mhlengikazi wadutshulelwa ekhaya lakhe eNapierville phambi komsizi kanye nezingane zakhe. Uyise uthi ubezoyilanda indodakazi yakhe ukube bekazi ukuthi unezinkinga emendweni.

OLUNYE UDABA:Umhlengikazi waseZimbabwe ubulawelwe eSwaziland

“Okungizwisa ubuhlungu kakhulu wukuthi bengingazi ukuthi bekunenkinga phakathi kwendodakazi yami kanye nomkhwenyana. Ngaze ngatshelwa amaphoyisa ukuthi ufe ngenxa yakhe.

“Bengingazi nokwazi ukuthi umkhwenyana ubesethathe umakoti wesibili, akakaze angazise mina ngalokhu,”kusho uDoyisa.

-Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...