'Uzolidlela ejele iphasika ozobanjwa ehamba ngesiphezulu emgwaqeni'

2017-04-10 11:01

Johannesburg - Njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa ngaphambi kokuba kuqale impelasonto yePhasika, sekushone abantu abangu-11 kulandela ingozi ebandakanya itekisi nemoto esifundazweni iNorth West.

Isigameko senzek endaweni engamakhilomitha angu-10 ngaphandle kwaseWolmaranstad, ngoMgqibelo.

Umqondisi wezokuxhumana eMnyangweni wezokuPhepha esifundazweni, uThabo Senatle, ekhuluma ne-The Citizen uthe kubonakale sengathi abanye abagibeli betekisi bekungabantu abakhonza ebandleni i-ZCC.

Eminye imigwaqo enezingozi kubalwa uN4 osuka eZeerust ubheke eRustenburg, uN18 osuka eTaung ubheke eMafikeng, uN14 osuka eKuruman ubheke eVryburg, eVentersdorp naseGauteng kanjalo nomgwaqo osuka eWolmaranstad nasePotchefstroom ubheke eGauteng.

OLUNYE UDABA: UMnyango nezindlela zokugwema izingozi

Khonamanjalo, okhulumela aphoyisa kaMasipala waseGoli uSuperintendent Wayne Minnaar, uthe eminye imigwaqo okulindeleke ukuba ibematasa kuleli sonto u-N1 obheke eMoria, u-N3 obheke KwaZulu-Natal, u-N12 obheke eNorthwest, u-N1 south obheke eFree State nase-Eastern Cape kanye noM4 obheke eMpumalanga.

UMinnar uxwayise abashayelu ngesivinini emgwaqeni.

"Uma ubanjwa uhamba ngesivinin esiphezulu angeke uze ugixabezwe ngethikithi noma uhlawuliswe kodwa uzovalelwa ezikhindini impelasonto yonke yePhasika," kusho uMinnaar.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha kuwezwelonke u-Ismail Mnisi uthe ngokwezibalo zango-2016, abagibeli nabantu abahamba ngezinyawo yibo ababasenkingeni.

"Sicela ukuba abantu baqikelele ukuthi bawela umgwaqo endaweni ephephile futhi bagqoka impahla enemibala egqamile, ikakhulukazi ebusuku."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-20°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...