Uzokwehla uphethiloli ekupheleni konyaka - Umbiko

2017-12-17 12:02

eGoli - Izindaba ezimnandi kubashayeli bezimoto wukuthi kulindeleke ukuba amanani kaphethiloli azokwehla ngo-10% ilitha.

Lokhu kumenyezelwe ngemuva kokuba abe-AA baphamule ngamanani amafutha angazange ahlolisiswe Phakathi nenyanga akhishwe ngabeCentral Energy Fund (CEF), kubika iphephandaba iTimesLIVE.

OLUNYE UDABA:BUKA: Uphenduke ihlaya obefaka uphethiloli ka-R3.50

Abe-Automobile Association (AA) bathi lokhu kwenziwa wukuqina kwamandla eRandi umaliqhathaniswa neDola laseMelika ekuqaleni kukaDisemba, yize kunokungahleleki kahle kwezomnotho njengoba kunokhetho lobuholi obusha be-ANC.

Kubonakala sengathi akhona namathemba wokwehla kukadizili kanye nopharafini ngamasenti ayisithupha.

- Times Live

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...