Uzokhuphuka ngoLwesithathu uphethiloli eGoli

2017-01-03 18:00

JOHANNESBURG - Izandla zizongena shi emaphaketheni kubashayeli baseGoli njengoba uzonyuka uphethiloli ngoLwesithathu.

Abanikazi bezimoto sebezokhokha imali eyengezwe ngo-R 0.50c ilitha likaphethiloli.

OLUNYE UDABA:Usuphelile uphethiloli kwamanye amagalaji eThekwini

Udizili wona uzokhuphuka ngo-R0. 39c kanti uphalafini wona uzokhuphuka ngo-R0. 43c ilitha.

Labo abathenga i-LP Gas bazokhipha imali eyengezwe ngo-R1.06 i-kilogram, kubika i-eNCA.

UMnyango wezaMandla uthe lokhu kwenziwa wukuthi amazwe okuyiwona akhiqiza uwoyela asewakhuphulile amanani abo ngakhoke nakuleli kumele akhuphuke amanani.

- eNCA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Morning clouds. Cool. PE: 7-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...