Uzohlolwa isimo sengqondo umfundi ophathe isibhamu esikoleni

2017-09-29 19:29

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng uqinisekise ukuthi umfundi kaGrade 2 obephethe isibhamu esikoleni esiseBrakpan empumalanga yeGoli, ngoLwesibili uzoya kohlolwa isimo sengqondo.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi ushaqe iningi enkundleni yezokuxhumana iTwitter ngesikhathi efaka isithombe se-email ethi lo mfundi uphathe isibhamu esihlohliwe esikoleni ngoba efuna ukudubula omunye umfundi ngemuva kokulwa.

Okhulumela umnyango uSteve Mabona utshele iNews24 ukuthi isinqumo sokuba lo mfana ahlolwe isimo sengqondo sithathwe yibhodi elingamele isikole. Lokhu kuzokwenziwa wumnyango wezemfundo.

OLUNYE UDABA:

UMabona uthe amaphoyisa abizelwa esikoleni afike ashaqa isibhamu. Uthe lo mfana wahanjiswa esiteshini samaphoyisa aseBrakpan, kodwa ubengakathweswa icala.

Isibhamu kukholakala ukuthi ngesikababa wakhe.

" Umnyango uthanda ukunxusa bonke abafundi ukuba baziqhelelanise nokungaziphathi kahle ezikoleni, Sicela nabazali basize umnyango ngokufundisa izingane inhlonipho ezikoleni nangaphandle. Izehlakalo ezibandakanya abafundi nothisha zokungaziphathi kahle ezikoleni umnyango uzozisukumela."



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...