Uzohlawulisa abezomthetho owesimame owaboshwa iminyaka engenacala

2018-01-13 11:01

eThekwini -  Owesimame oneminyaka engu-29 ubudala osehlale iminyaka eyisithupha ejele ngecala angazange alenze ufuna ukuhlawulisa umnyango wezobulungiswa.

INolubabalo Nomsuka, walahlwa yicala lokubulala ingane yakhe eyayisanda kuzalwa, yize imiphumela yodokotela yaveza ukuthi lokhu okulona iqiniso.

Ezinyangeni ezimbili ezedlule, isigwebo sakhe sabekwa eceleni.

UNomsuka, wayefunda ibanga 11 ngo-2011 futhi enezinyanga ezingu-8 ekhulelwa ngesikhathi esikwa ehlala ehostela laseWema eningizimu neTheku.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owesifazane owabulala ingane yesoka

Kuthiwa wayengekho umuntu ongamlekelela abelethe waze wazibelethisa yena engalutholi usizo, ingane yashayeka phansi nokuyilapho omakhelwane bafika khona bethi bezomlekelela.

Umphakathi wonke wawumsola ngokubulala ingane yakhe.

Wabekwa icala lokubulala futhi wagwetshwa yize odokotela babeyiphikisa imibiko yokuthi lo wesimame wayiklinya yaze yashona ingane.

Abammeli bakhe bathi iMantshi kayizange ifune ukulalela ubufakazi, wagwetshwa udilikajele.

"Ngiphuthelwe yiminyaka nginomndeni wami. Umfowethu washona. Angikwazanga ukukhulisa ingane yami eyayingasangazi nokungani sengiphuma ejele ngoba yayineminyaka.

Isicelo sakhe sokudlulisa isigwebo salalelwa ngoNovemba 2017 nokuyilapho athola khona ubulungiswa.


- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...