Uzohlanganisa izinhlanga oweShisanyama

2017-08-28 18:01

Durban - Bekugcwele izinhlanga ezahlukene kwethulwa ngokusemthethweni umcimbi obhekwe ngabomvu eThekwini.

Lo mcimbi owaziwa nge-Spiritual Vodka  Shisa Nyama Awards ozoba seYadini elokishini eMlazi ngoMgqibelo.

Kuwo kuzobe kuhlangene osomabhizini abazungeze iTheku abanezindawo zokudlela ezingoshisanyama.

Kulo nyaka, abagqugquzeli balo mcimbi bahlanganyele nomnikazi wendawo engaconsi phansi iYadini Lounge, nokuyiyona eyathatha isicoco sokuba yishisanyama ehamba phambili kuleli dolobha ngonyaka odlule.

"Yini i-shisanyama ngaphandle komculo omnandi? Silubheke ngabomvu lolu suku futhi abantu bayayithokozela indawo yethu njengoba isezingeni elicokeme kakhulu," kusho umnikazi weYadi, uJabulani Nzama.

OLUNYE UDABA:Kuzojabula amakloza koweShisa Nyama Awards

Kulo mcimbi kuzophoinde kumenywa nabapheki abahamba phambili esifundazweni abazobe beshaya ibhodwe betshengisa ukuthi yini edingakayo ukuze ube noshisanyama ohamba phambili.

Amakloza angalindela izibiliboco ezahlukahlukene ezizobe zilungiswe yizindawo ezifana neMashamplanes, Restaurant Artize, Comfort Zone Jazz Lounge, I-Joint & Nsimbini Lifestyle, okuyizona ezizobe zincintisana.

Kumenywa nabaculi abafana noRiky Rick, Big Nuz, uNaves noSphectacula, Unathi kanye nabanye abazonandisa kulo mcimbi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...