Uzohlakazwa uMasipala waseNquthu - Cogta

2017-02-13 19:31

Durban - UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uNomusa Dube-Ncube useveze ukuthi uzohlakazwa uMkhandlu kaMasipala waseNquthu.

Lo Ngqongqoshe ukhiphe lesi sinqumo ngoMsombuluko enkomfeni yabezindaba.

Kuthiwa lomasipala uhlulekile ukukhetha umkhandlu kanye nabaphathi bakamasipala abafanelekile selokhu kwadlula ukhetho loMasipala basekhaya ngonyaka odlule.

Alikho iqembu lezombusazwe elinqobe ngamalengiso okhethweni. Lokhu kuholele ekutheni amaqembu asebenze ngokubambisana, Inkatha Freedom Party (IFP) ikhethe ukubambisana ne-Democratic Alliance kanye ne-Economic Freedom Fighters kanti iAfrican National Congress (ANC) yona ikhethe ukusebenzisana ne-National Freedom Party.

OLUNYE UDABA:Kuhlehlile ukufakwa kwesebheyili kwelikathisha waseNquthu

Umbimbi we-IFP uwona ohamba phambili ngezihlalo ezingu-18 kanti owe-ANC unezihlalo ezingu-17 kulo Masipala.

Yize kunjalo ayibanga khona inqubekela phambili mayelana nokukhethwa komkhandlu nokuyinto eholele ekutheni ungakhethwa umkhandlu wesifunda saseMzinyathi.

UDube-Ncube uthe wakhipha isaziso esihambisana neSahluko 139 (1)(c) soMthethosisekelo sokuhlakaza lo mkhandlu ngomhlaka 9 kuFebhruwari.

Lokhu kusho ukuthi kuzoba nolunye ukhetho kulo Masipala ngomhlaka 25 kuMeyi.

“Lesi akusona isinqumo esisithathe kalula, futhi siyawazi umthelela walesi sinqumo,” kusho yena.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...