Uzogwetshwa umqwayizi osulele owesilisa nge-HIV

2018-01-19 18:03

Perth — Umqwayizi owazishintsha ubulili ulahlwe lokulimaza ngamabomu ngesikhathi esulela ikhasimende lakhe ngegciwane le-HIV.

UClayton James Palmer, owaguqula ubulili waba ngowesimame owaziwa ngelikaC.J. Palmer, walivuma leli cala e-Australia District Court.

UPalmer walivuma leli cala kodwa wathi wayengazi ukuthi unegciwane lesandulela ngculazi ngesikhathi enza ucansi olungaphephile nekhasimende lakhe.

OLUNYE UDABA:Usobishini othengele ingoduso indandatho ngemali eyebiwe

Le ntokazi itholakale inecala, futhi uzogqunywa ezitokisini kuze kube wukuthi uyagwetshwa.

UMshushisi uBen Stanwix utshele inkantolo ukuthi uPalmer ubengafuni ukubhekana neqiniso lokuthi uphila nalesi sifo ngoba amanesi amtshela ezinyangeni ezimbili ngaphambi kokulala naleli khasimende ukuthi unalesi sifo.

Le ntokazi ekhangisa ibhizinisi lalo online yahlangana lapho naleli khasimende ngoNovemba 2014.

Benza ucansi olungaphephile izikhathi eziningi kwaze kwaba wu-Agasti 2015 lapho alitshela khona ukuthi ubuya ukuyohlolela izifo zocansi.

Lo mlisa naye wahlola ngo-Septhemba wathola lapho ukuthi unalesi sifo.

UPalmer utshele inkantolo ukuthi kusangenzeka ukuthi lomlisa usithole kwenye indawo lesi sifo.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...