Uzogwetshwa owabulala intombi kulandela ingxabano

2017-10-25 11:00

Johannesburg - INkantolo yeMantshi yaseBafokeng, eTlhabane, kulindeleke ukuba igwebe indoda yaseNorth West, uWilliam Mthimkhulu, ngokugwaza abulale intombi yakhe uMpho Mthini, namuhla (ngoLwesithathu).

UMthimkhulu, 38, walahlwa yicala lokubulala uMthini ngemuva kokulivuma icala ngomhlaka-7 Julayi.

UMthimkhulu evuma icala, watshela inkantolo ukuthi wayephila saka ngesikhathi egwaza intombi yakhe uMthini, 25, emhlane kulandela ingxabano ababenayo eLethabong eduzane naseRusenburg ngomhlaka-4 Disemba 2016.

OLUNYE UDABA:Umsolwa 'wagwaza wabulala intombi wahambisa isidumbu emaphoyiseni'

Wabe esethatha isidumbu wasihambisa esiteshini samaphoyisa aseRustenburg lapho afike abika khona ngodaba ngaphambi kokuzinikela emaphoyiseni.

UMthimkhulu ngesonto eledlule watshela inkantolo ukuthi wondla izingane zakhe ezintathu kanti ukugwetshwa kwakhe kuzohluphekisa lezi zingane.

Waphinde waveza nokuthi ukhipha imali engu-R4 100 yesondlo sezingane zakhe njalo ngenyanga.

Ube eseqhuba ngokuthi inkantolo kufanele ikucabange ukuthi ulivumile icala futhi akazange abuphikise ubufakazi boMbuso kanti futhi uyaqala nokutholakala esephutheni.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...