Uzogwetshwa owabulala ingane yentombi ngoba izimoshele

2017-05-13 12:58

Pretoria – Kulindeleke ukuba kwehliswe isigwebo ecaleni elibandakanya owesilisa waseMamelodi, osolwa ngokushaya ingane yomfana, 3, yaze yashona ngoba izimoshele.

IJaji Neil Tuchten uthole uWilliam Tjiane enecala lokubulala ngokungenhloso kulandela ukushona kukaTebetso Phahle.

Kuthiwa uTjiane wayesele nomufi ngenxa yokuthi umama wakhe wayeye kwinhlololwazi yomsebenzi.

Icala beliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli.

UTuchten ehlisa isigwebo utshele uTjiane ukuthi kwakumele azi njengomuntu omdala ukuthi indlela ashya ngayo ingane yentombi yakhe yayizoholela ekutheni ishone.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokushaya abulale ingane yentombi

Ngesikhathi kuqhubeka icala, kwavela enkantolo ukuthi uTjiane wahluthuka ngemuva kokuthola ukuthi uPhahle uzimoshele, wabe esemshaya kanzima.

Isigwebo sikaTjiane kulindeleke ukuba sethulwe ngoMsombuluko, kanti uMbuso ufuna athole isigwebo seminyaka engu-12 ebhadla ejele ngalesi senzo sakhe.

Umshushisi uSalome Scheepers ukhale ngokuthi uTjiane akazange atshengise ukuzisola ngakho ukholelwa ukuthi alikho ithemba ekutheni isimilo sakhe singahlunyeleliswa.

Udaba oluphelele kuPretoria News.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...