Uzogwetshwa olahlwe yicala lokudlwengula nokubulala ingane

2016-12-05 12:32

Cape Town – Owesilisa olahlwe yicala lokuthumba, ukudlwengula kanye nokubulala ingane, uShamonique Claasen,10, uzogwetshwa yiNkantolo eNkulu yaseWestern Cape High ngoMsombuluko.

NgoDisemba 1, uJaji Robert Henney, wathi uJerome Amerika, 23, akethulanga ubufakazi obunesisindo futhi akusho ngokwenzeka ePaarl ngoFebhuwari akubukeki kuyiqiniso.

U-Amerika wayejola nosisi omdala kaClaasen, uHenriette. Babenengane ndawonye.

UShamonique wanyamalala ngoFebhuwari 27, ngaphambi kosuku ayezohlanganisa ngalo iminyaka eyishumi nanye.

OLUNYE UDABA: Udutshulwe wabulawa obezama ukuduna imoto ehhotela

Unina wabikela amaphoyisa asePaarl East ngokunyamalala kwengane, ngemuva kokuba sebehlulekile ukuyithola kade beyithungatha.

Ilungu lomndeni lezwa iphunga endlini ngosuku olulandelayo.

Isidumbu sakhe sasisongwe ngengubo yokulala. Sasinenxeba lokugwazwa esifubeni.

Ngokusho kodokotela bezidumbu, isisulu sasiphila ngesikhathi sidlwengulwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...