Uzofaka isicelo sebheyili osolwa ngokuthengela umyeni izinkabi

2018-02-14 12:31

Cape Town - Ikhansela lase-Oudtshoorn elisolwa ngokubandakanyeka ekubulaweni komyeni walo kulindeleke ukuba lifake isicelo sebheyili namuhla (ngoLwesithathu).

UMagdalene Titus usolwa ngokuthengela umyeni wakhe, uPreston Titus, izinkabi ukuze zozombulala. Lesi sigameko senzeka ngoDisemba.

Kuphinde kusolwe ukuthi uTitus wanikeza izinkabi imali engu-R30 000 ukuze zizobulala umyeni wakhe, owayeyilungu le-SANDF.

OLUNYE UDABA: Usomabhizinisi wathengela ‘owayejola’ nomkakhe izinkabi

Isidumbu sikamufi satholakala ngomhlaka-1 Disemba ekamelweni lakhe.

Umufi wayegwazwe ekhanda nasezingalweni.

Umngani kamsolwa, uNatasha Stuurman, naye uyabandakanyeka kkulesi sigameko anti isicelo sakhe sebheyili sizolalelwa kuyo le nyanga.

Osolwa ngokuba yinkabi uJustice Mooi, wanqatshelwa ibheyili ngesikhathi evele enkantolo ngenyanga edlule.

Inkantolo iphinde yagweba lowo owayengumshayeli kaTitus, uSixabiso Klip, iminyaka engu-15 ebhadle ejele ngokubulala nokutholakala nesikhali esiyingozi ngemuva kokwenza isivumelwano noMbuso.

Kukholakala ukuthi la basolwa bake bamisa imizamo emibili yokuqeda nya ngoTitus.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...