Uzofaka esebheyili umsolwa wesine kwelokubulawa komfundi

2017-06-20 07:16

Cape Town – Owesilisa wesine osolwa ngokubandakanyeka ecaleni lokuthumba, ukudlwengula nokubulala umfundi waseStellenbosch University, uHannah Cornelius, uzofaka isicelo sebheyili ngoLwesibili.

U-Eben van Niekerk waboshwa wathweswa icala lokuthumba, ukudlwengula kanye nokubulala umfundi.

Wavela eNkantolo yeMantshi eStellenbosch  ngoMeyi 30.

Okhulumela i-NPA u-Eric Ntabazalila uthe kulindelele aphinde athweswe amanye futhi amacala mayelana nokushaya noma ukuhlukumeza uCheslin Marsh, umngani kamufi.

OLUNYE UDABA: Abafana besikole bavume icala lokudlwengula 

Labo asolwa nabo uVan Niekerk bathatha isinqumo sokuhoxisa isicelo sebheyili, kanti kulindeleke babuyele enkantolo ngoJulayi 28, ngokusho kukaNtabazalila.

UCornelius noMarsh, naye ongumfundi, badunwa imoto kuBird Street, eStellenbosch, ngoMeyi 27.

Babehlezi emotweni bezixoxela ngesikhathi sesigameko.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...