Uzodansisa abantu okokugcina umculi weKwaito okhulelwe

2017-11-29 18:00

eGoli - Intokazi edume kakhulu emculweni we-Kwaito noweHouse uBusiswa Gqulu, isanda kuveza ukuthi ikhulelwe, kubika iSowetanLive.

Le ntokazi ithi kusele amasonto ambalwa ukuthi ibelethe kanti ikhulume okokuqala ngqa ngokukhulelwa kwayo emsakazweni iMetro FM.

Ngokusho kwakhe uBusiswa uzobe egcina ukujabulisa abantu ebumnandini ngale mpelasonto bese athatha ikhefu alindele ingane yakhe.

"Ngizothatha ikhefu labakhulelwe ngoDisemba ukuze ngiphumule kahle. Ngikuthokozele ukukhulelwa kwami angibanga nankinga futhi ngiyathemba ukuthi kuzohamba kahle ngisho isifikile ingane," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ukwenza ucansi ukhulelwe kulungile?

Le ntokazi yamangaza abalandeli bayo ngosuku lwayo lokuzalwa ngesikhathi iveza ukuthi izithwele.

UBusiswa ubuye wakhuluma nge-albhamu yakhe yokuqala athi uzoyikhipha ukuze ahlale esematheni njengoba ezothatha ikhefu elungiselela ukuba ngumama.

Le ntokazi ibhale ezinkundleni zokuxhumana yafaka izithombe zomcimbi wokuyihalalisela njengoba isizoba nomntwana.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...