Uzobuyela enkantolo ngo-Okthoba osolwa ngokuba umalugaju

2017-09-02 08:30

Johannebsurg - Indoda esolwa ngamacala amathathu okubulala nangu-18 okudlwengula izobuyela enkantolo eHammanskraal ngo-Okthoba.

Ofakazi badalule ngoLwesihlanu ekuseni ukuthi amaphoyisa akholwa wukuthi ezinye izisulu zokudlwengulwa zaqala zadunwa zabe sezihanjiswa endaweni eyihlathi lapho zashaywa zaphinde zadlwengulelwa khona.

Umsolwa ugaxwe ozankosi ngesikhathi senyanga yabesifazane.

OLUNYE UDABA:Uvelile umalugaju waseKZN enkantolo

UFrank Lesenyego weNational Prosecuting Authority uthe: "Umsolwa uvele kafushane enkantolo ngoLwesihlanu, icala lahlehliselwa umhlaka-25 Okthoba ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo."

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela, uthe banobufakazi obanele bokuba umsolwa alahlwe amacala.

Uqhube ngokuthi le ndoda ibhekene anamcala angu-22 kanti kungase kuvele namanye uma kuvela ukuthi uyabandakanyeka kwezinye izigameko zobugebengu.

- EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-30°C High level clouds. Warm. PE: 20-27°C More sun than clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...