Uzinikele emaphoyiseni umlimi obulale isisebenzi sasepulazini - Umbiko

2018-01-09 07:31

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-32 ubudala udutshulwe wabulawa epulazini asebenzela kulo, kanti kusolwa umqashi wakhe ngalesi sigameko.

Lokhu kwenzeke epulazini eliseTarlton, phandle kwaseKrugersdorp, ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Kay Makhubela utshele abeNews24 ukuthi lokhu kwenzeke ngomhlaka-6 kwephezulu.

"Umlimi nguye ofonele amaphoyisa wawatshela ukuthi udubule isisebenzi sasepulazini lakhe esebe ugandaganda wakhe. Ngesikhathi amaphoyisa efika kuleli pulazi, athole isidumbu salesi sisebenzi sisekhona," kusho uMakhubela.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe umlimi 'ngokubulala' emngcwabeni

Uthi umlimi, obesebalekile, ubuye wazinikela emaphoyiseni ngokuhamba kosuku ngoMgqibelo. Lo mlimi ubekwe icala lokubulala.

Isithombe sesidumbu salesi sisebenzi sesisabalele ezinkundleni zokuxhumana. 

Lo mlimi uvele eNkantolo kaMantshi eKrugersdorp ngoMsombuluko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...