Uzinikele emaphoyiseni 'owabulala umuntu' kuliwa ethaveni

2017-03-29 16:15

Johannebsurg - Izinikele emaphoyiseni indoda eyabandakanyeka empini yasethaveni eyaholela ekutheni kuphume isidumbu, izinikele emaphoyiseni esiteshi saseNorkem Park, e-East Rand.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Lesibana Molokomme uthe indoda, 39, ifike esiteshini samaphoyisa ngemuva kwezithuba zabo-13:00 ngoLwesibili, kubika iKempton Express.

"Kukholakala ukuthi umsolwa waba nengxabano nomufi ethaveni eBirch Acres ngoMgqibelo ebusuku ngezithuba zabo-20:00.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala kubangwa abadlali

"Ingxabano yaholela ekutheni kuliwe, umsolwa wakhipha ummese wagwaza umufi," kusho uMolokomme.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, umsolwa wayengasabonwa.

"Isisulu saphuthunyiswa esibhedlela siyokwelashwa kodwa ngeshwa sashona ngeSonto ekuseni ngenxa yokulimala kakhulu."

Umsolwa uzobhekana necala lokubulala eNkantolo yeMantshi yaseKempton Park.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...