Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala intombi phambi komndeni wayo

2017-12-03 16:06

Cape Town - Owesilisa osolwa ngokudubula abulae usomabhizinisi waseKapa u-Unathi Sabsana phambi komndeni wakhe, usezinikele emaphoyiseni, kusho amaphoyisa aseWestern Cape ngeSonto.

Le ndoda eneminyaka engu-27 ubudala izinikele emaphoyiseni aseGugulethu, eKapa, ngoMgqibelo ngesikhathi "ibona ukuthi amaphoyisa asezithendeni zayo", kusho uBrigadier Novela Potelwa.

Le ndoda, eyaziwayo ngabeNews24, ngeke likhishwe igama layo kuze kube ivela enkantolo.

UPotelwa uthe le ndoda ibigcwele amathafa kusukela kwadutshulwa uSabsana, 28, ngoMsombuluko owedlule.

OLUNYE UDABA: Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala intombi

Kuthiwa le ndoda izobhekana nolunye uhide lwamacala, ngokusho kwamaphoyisa.

Ngesikhathi sesigameko sokubulala, ubengaphandle ngebheyili mayelana nokugqekeza umuzi eGugulethu.

Bekumele avele enkantolo ngosuku olulandela olwesigameko sokubulala, ngoLwesibili olwedlule, ngecala lodlame lwasekhaya olubandakanya uSabsana.

NgoLwesithathu olwedlule, bekumele avele enkantolo ngecala lokushaya.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoMsombuluko ngecala lokubulala. Abaphenyi bazimisele ngokuphikisa ibheyili.

Kulesi sigameko,uSabsana obengusomabhizinisi ophumelele, wadutshulwa esekhaya lakhe eGugulethu phambi kwabazali bakhe nendodana yakhe eneminyaka engu-10 ubudala.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...