Uzinikele emaphoyiseni osolwa ngokubulala intombi

2017-10-26 16:01

Polokwane - Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala osolwa ngokubulala intombi yakhe uzinikele amaphoyiseni.

Amaphoyisa aseSeshego ngaphandle kwasePolokwane aqalise uphenyo ngemuva kwesigameko.

Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uMoetshe Ngoepe uthe owesilisa bekunamahlebezi okuthi ucashe ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzona naseRustenburg, eNorth West, kanjalo naseBela-Bela.

"Ugcine esekhathele, wabe esezinikela emaphoyiseni eSeshego," kusho uNgope.

Umufi oneminyaka engu-23 ubudala wayekubo yedwa ngesikhathiu sesigameko esenzeke ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: 'Umthetho udlala indawo yawo odabeni lokunukubezwa kwezingane zesikole'

Unina wamthola edindilize phezu kwegazi enamanxeba okugwazwa umzimba wonke.

Kuthiwa umsolwa washiya incwadi endaweni yesigameko ngaphambi kokuba abaleke.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eSeshego kungekudala ngecala lokubulala.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...