Uzinikele emaphoyiseni obulale unkosikazi

2018-01-04 14:02

Cape Town - Izingane ezimbili eneminyaka engu-11 neneminyaka engu-14 ubudala zizokhula ngaphandle kwamama ngemuva kokuba ubaba wazo ongazizali egwaze wabulala unina.

Le ndoda izinikele emaphoyiseni.

Omakhelwane bathola isidumbu sikaPhindiwe Sible phansi endlini sinenxeba lokugwazwa emzimbeni.

OLUNYE UDABA:Ubulale unkosikazi waqeda wazincoma

Okhulumela amaphoyisa uFrederick van Wyk uthe: "Lezi zithandani zibe nengxabano zalwa, indoda yagcina isigwaze unkosikazi."

Kubikwa ukuthi izingane bezingekho ngesikhathi sesigameko.

Kuphinde kwezwakala nokuthi umsolwa ubengaqondile ukugwaza abulale umkakhe.

U-Unathi Sible uvelile eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoLwesithathu, icala lahlehliselwa uMsombuluko ozayo.


 - Iol

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...