UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane

2017-03-16 14:00

Cape Town – UNdunankulu waseWestern Cape, uHelen Zille, uzobhekana nokuqondiswa izigwegwe ngombhalo wakhe waku-Twitter ngohulumeni wengcindezelo, kusho umholi weDA, uMmusi Maimane ngoLwesine.

Ekhuluma nomsakazo i-702, kulandela umsindo osuswe yilo mbhalo weTwitter, uMaimane uziqhelelanisile nale mibhalo wathi ayamukelelile.

UZille uphule umgomo weqembu ngezinkundla zokuxhumana, kusho uMaimane.

OLUNYE UDABA: UHelen Zille yinkunzimalanga yomcwasi – ANC

“Sekudluliselwe ekomitini lokuqondiswa kwezigwegwe. Ngiphumele obala njengowaseNingizimu Afrika ngakugxeka. Amagama awashilo awavikeleki.”

Uthi umuntu ophula umgomo weqembu ngezinkundla zokuxhumana angahlawuliswa, noma alahlekelwe ubulungu.

UZille ubhale kuTwitter wathi: “Ngingena ebhanoyini manje futhi angeke ngingene ku-Wi-Fi ukuze ngizonqamula labo abacabanga ukuthi yonke into eyashiywa uhulumeni wengcindezelo yayiyimbi.

“Kulabo abacabanga ukuthi okwashiywa uhulumeni wengcindezelo kwakukubi kuphela, cabanga ngezobulungiswa zethu ezizimele, ingqalasizinda yezokuthutha, amanzi asemapayipini nokunye,” ubhale kanje.

Ubuye waxolisa ekuhambeni kwesikhathi.

Kuzokhumbuleka ukuthi ekupheleni kuka-Okthoba kunyaka ka-2015, kwamiswa ubulungu belungu le-DA, uDianne Kohler Barnard, ngemuva kokuthi abelane kuFacebook ngombhalo wentatheli uPaul Kirk.

Zifundele eminye yale mibhalo kaHelen Zille esuse umsindo lapha:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...