Uzibulele umfundisi obesolwa ngelokudlwengula

2017-09-20 18:00

Johannesburg - Ushonele esibhedlela umfundisi wase-Eden Park eKempton Park kulandela imizamo yokuzibulala.

Lo mfundisi uzame ukuzibulala ngemuva kwezinsolo zokudlwengula intombazane, 15.

Amaphoyisa ase-Eden Park athe abizelwe emtholampilo wendawo mayelana nesigameko sokudlwengulwa kwentombazane, kubika i-Alberton Record .

Ngokusho kukaCaptain Vusi Mhlophe, ngesikhathi le ntombazane iphuthunyiswa esibhedlela iThelle Mogoerane, eVosloorus, umsolwa waya kwakhe wafike wathatha ummese wazama ukuzisika intamo waphinde wokhela igumbi alala kulo ngomlilo.

OLUNYE UDABA:Umfundisi 'udlwengule' wakhulelisa ingane ekhubazekile

"Ngesikhathi amaphoyisa efika, athola umsolwa engaphandle nommese ogcwele igazi, esikekile entanyeni futhi eshile kodwa esaphefumula. Le ndoda yabe isiphuthunyiswa esibhedlela, ngeshwa ishonele khona ngomhlaka-12 Septhemba kulandela usuku eyazama ngalo ukuzibulala," kusho uMhlophe.

Amaphoyisa aqhube ngokuthi umama wentombazane wenza isitatimende esiveza ukuthi indodakazi yakhe yamvusa ngezithuba zabo-03:30 ekuseni ikhala ngezinhlungu esithweni sayo sangasese.

"Njengamanje siphithene amakhanda ngemiphumela yasesibhedlela. Ngokusho kombiko kadokotela, akutholakalanga lutho ewubufakazi bokuthi le ngane idlwenguliwe. Sisalinde eminye imiphumela," kusho uMhlophe


 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...