Uzibulele ujele owaduma ngevideo yocansi nephoyisa

2017-04-09 15:00

Durban - UPaul Zwane uzibulele kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula.

UZwane owaduma nge-video eyasabalala ezinkundleni lapho enza khona ucansi nephoyisa lowesimame.

UZwane waxoshwa emsebenzini kulandela leso sigameko ngo-2011.

Kulokhu, uZwane ulahlwe yicala lokuthumba nokudlwengula ingane.

Phezu kwalokhu, uZwane wayelahlwe yicala lokushaya phambilini.

OLUNYE UDABA:Ujele udubule intombi amahlandla amahlanu

“UZwane kudala eyizingela le ngane, eyagcina itholwa wumphakathi. Umphakathi uyithola nje kudala eyidlwengula ephindelela,” kusho ilungu lomndeni.

Abomnyango wezamajele bakuqinisekisile ukushona kukaZwane.

Kuthiwa ubuyiselwe ejele lapho ayezolindela khona kuze kwehliswe isigwebo sakhe.

Ngosuku olulandelayo, watholakale eseshonile eselini, kanti kusolakala ukuthi usebenzise intambo yezicathulo ukuzilengisa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...