Uzibulele ujele okusabalale izithombe zakhe eqabulana nesiboshwa

2017-10-17 12:31

Durban - Uzibulele ujele waseLosperfontein Correctional Facility eBrits, eNorth West, okusabalale izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana eqabulana nesiboshwa.

IDaily Sun ibika ukuthi iziboshwa ngaphakathi kuleli jele zithi bezazi ngokujola kwalaba bobabili ngaphambi kokuthi kuputshuke lezi zithombe.

Ngemuva kokuvela kwalezi zithombe, zibe sezibonwa nangabaphathi bejele nokudale ukuthi lo jele wesifazane agcine esezibulala ngoMsombuluko ekuseni.

Yize abaphathi bejele bengakalikhiphi igama lakhe, iminyaka yakhe yobudala nokuthi ushone kanjani ngenxa yokuthi abakubo bebengakathintwa, kusolakala ukuthi utholakale ezilengisile egumbini lakhe abehlala kulo ngaphakathi eLosperfontein.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ujele owaduma ngevideo yocansi nephoyisa

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo eLimpopo, eMpumalanga naseNorth West, uTshidi Mapole, utshele leli phephandaba ukuthi ubazi ngalezi zithombe.

"Saziswe ngalezi zithombe zikajele nesiboshwa bebambene kwezinye beqabulana satshelwa nokuthi zizungeza ezinkundleni zokuxhumana," esho.

Uthe uMnyango uyazigxeka kakhulu lesi senzo sabo. "Kuthe sisaphenya njengoMnyango sezwa izindaba ezishaqisayo zokuthi umsolwa usezibulele."

Ukhomishana wesifunda uMandla Mkhabela, uzwakalise ukushaqeka nokudumala ngalesi sigameko.

"Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nozakwabo bakamufi," esho.

Ijele laseLosperfontein lineziboshwa ezingu-1 000, kuphetha umbiko.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...