Uzibulele ubaba oboshelwe izinsolo zokubulala indodakazi

2017-12-13 16:00

Johannesburg - Indoda eboshelwe ukubulala nokuzama ukubulala izibulele ejele iMakhado Correctional Centre.

UKenneth Netsiongani utholwe elenga ejele ngoLwesithathu ekuseni.

UNetsiongani wayengaphandle ngoshwele ngesikhathi ephinde eboshelwa ukubulala indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu nokugwaza unkosikazi wakhe.

OLUNYE UDABA:Sishonile isiboshwa okusolakala ukuthi sishaywe ojele eQalakabusha

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe okwamanje asikho isandl semfene kulolu daba.

"Kuvulwe idokodo kanti amaphoyisa asaphenya," kusho uNgoepe.

Umufi wavela phambi kweNkantolo yeMantshi yaseWaterval ngomhlaka-6 Disemba ngokubulala nokuzama ukubulala kanti icala lakhe belihlehliselwe umhlaka-29 UJanuwari yofaka isicelo sebheyili.

UNetsiongani waba nengxabano nomkakhe obeminyaka engu-25 ubudala wabe esemgwaza ephindeolela ngesikhali esicijile waphinde wagwaza izingane zakhe eimbili, eneminyaka emihlanu ubudala neneminyaka emithathu ubudala emzimbeni ngaphambi kokubaleka endaweni yesigameko.

UNetsiongani ubengaphandle ngoshwele ngemuv kokugwetshwa iminyaka engu-15 ejele ngo-2010 ngokubulala.

 - Daily Sun

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...