Uzibulele othole ukuthi umkakhe ujola kamakhelwane

2016-11-24 11:28

Johannesburg - Uzilengisile owesilisa waseNamibia, eNanda, ngemuva kokuba ethole ukuthi umkakhe oneminyaka engu-54  ubudala uqome umakhelwane wakhe, kubika iSolezwe.

USbongiseni Duma, 44, utholakale elenga esihlahleni ngoMgqibelo ekuseni ngaphandle komuzi wakhe khona eNanda.

Kuthiwa ngoLwesihlanu wayehleli nabangani bakhe endaweni yokucima ukoma ngesikhathi ebaxoxela ukuthi uzozibulala ngoba umkakhe useqomile.

Kuthiwa le ndoda yatshela abangani bayo ukuthi ngeke ikwazi ukuphila ngaphandle komkayo, ngakho izozibulala.

OLUNYE UDABA: Usase-ICU uthishanhloko owagwazwa esikoleni

Abangani bakhe, abangadalulwanga, bathi umufi wayelokho ekhala nangesithunzi sakhe njengoba esethathelwe umkakhe ngumakhelwane.

Kuvele nokuthi ngaphambi kokuba azibulale, umufi washaya umkakhe nokwathi uma amaphoyisa esefika ezomlanda amthola esezibulele.

Okhulumela amaphoyisa ase-KZN uLt Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aseNanda abikelwe ngesigameko sokuzibulala kukaDuma.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...