Uzibulele obengafuni ukubuyiselwa kwelakubo

2017-02-22 09:32

Tijuana – Uzibulele owesilisa waseMexico obuyiselwe kwelakubo ngoLwesibili kade ehlala eMelika.

Lona wesilisa uziphonse phansi ebhulohweni.

U-Olivas Valencia,44, waseSinaloa, uziphonse ebhulohweni washona, kusho iziphathimandla.

Indawo agxume kuyona ingamamitha angu-80 ukusuka phezulu.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ungene wagamanxa ngemoto yakhe ebhange lwaKwaMashu

Abazibonele bathe lona wesilisa ubekhathazekile kakhulu ngemuva kokubuyiselwa kwelakubo eMexico okwesithathu.

Lesi sigameko senzeke ngesikhathi lapho uMengameli waseMelika uDonald Trump esanda kufunga ukuthi uzobabuyisela emazweni abo abantu abakuleliya lizwe benganayo imvume.

UTrump phambilini wabiza abantu baseMexico ngezigebengu, wathembisa ngokwakha udonga emngceleni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...