Uzame ukuzibulala umama wengane eyashonela esontweni likaMboro

2018-01-12 11:11

Johannesburg - Umama wengane eneminyaka engu-3 ubudala eyashonela esontweni likaMfundisi Paseka "Mboro" Motsoeneng uzame ukuzibulala.

UNontombi Gwam ungeniswe esibhedlela ngemuva kokuphuza ushevu ngoLwesibili ebusuku.

Kusolwa ukuthi ukungakwazi ukukhokhela izindleko zomngcwabo womntanakhe yikho okumholele ekutheni zame ukuzibulala.

OLUNYE UDABA:Umndeni ufuna udaba lwengane eyashonela esontweni luphenywe yiphalamende

Indodakazi kaGwam yashona ngobusuku obandulela uKhisimusi esontweni likaMboro.

UGwama uthi wajikiswa emtholampilo ngesikhathi eyofuna usizo.

Uthe abosizo lokuqala banqaba ukusiza ingane yakhe eyagcina ishonele esontweni.

Inyunyana yabosizo lokuqala nonesi, iDenosa ikuchithile okushiwo umama womntwana. 

 - eNCA

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...