Uzalele emgwaqeni eGoli owokufika kufa ibhasi
2016-06-03 13:32
Johannesburg – Omunye wabantu
abantu-38 baseMalawi abasale dengwane eBenoni, ubelethe amawele eceleni
komgwaqo kungakabi yisikhathi, ngesonto eledlule, kusho uMnyango
wezokuThuthukiswa koMphakathi.
UMercy Ndlovu uthi ibhasi
belisendleleni elibhelise eMalawi ngesikhathi lifa endleleni ngenyanga edlule.
Uhambo lwabo kwakumele luthathe
izinsuku ezimbili. Kodwa labantu sebehlale ebhasini elifile isikhathi esingaphezu
kwenyanga manje.
UNdlovu ubenezinyanga
eziyisikhombisa ekhulelwe ngesikhathi eqhunyelwa amanzi.
Funda nalolu daba: Udubule wabulala abezobamba naye inkunzi
“NgoLwesibili ekuseni,
bengingazizwa kahle, benginezinhlungu esiswini. Ngitshele udadewethu ukuthi
izingane ziyeza, izingane ziyeza.”
Udadewabo, uFebbie Harawa,
ucele isitolo esiseduzane ukuba simbizele i-ambulance.
“Besingekho isikhathi sokulinda, ubesezinhlungwini futhi
bekumele ngenze okuthile,” kusho uHarawa.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News 24