UZahara uthi uzomangalela uSomizi nama-SAMA

2017-05-30 14:01

Johannebsurg - Isihlabani somculo kuleli, uZahara, ebesihambele umcimbi obuseSwazini iBushfire Festival ngempelasonto edlule siveze ukuthi sihlela ukumangalela umethuli womcimbi wamaSouth African Music Awards 23 kanye nawo ama-SAMA imbala.

UZahara ogamalakhe lokuzalwa nguBulelwa Mkutukana umangalela ama-SAMA kanye noSomizi Mhlongo ngokumhlambalaza.

Lo mculi ubhale enkundleni yezokuxhumana i-Instagram ukuthi usanda kuzwa ngalezi zindaba nokuthi uma lezi zindaba azizwile ziyiqiniso, impela uzobambangalela.

Abantu abaningi bazwakalise ukugxeka uZahara kulandela umbhalo wakhe, bathi akabofunda ukwazi ukuhlukanisa phakathi kwamancoko nento yangempela.

USomizi wakhuluma kulo mcimbi wafaka igama likaZahara enkulumweni eyayiphathelene nophuzo oludakayo.

UZahara uveze ukuthi akanandaba noma uSomizi ubedlala ngokuphawula kwakhe, kepha ufuna yena nama-SAMA baxolise lingakapheli leli sonto uma kungenjalo ubathathela izinyathelo.

ISITHOMBE:


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...