UZahara uthi abantu abazibhalele elabo IBhayibheli

2017-01-25 16:01

Johannesburg - Sekuqbuke inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana kulandela udaba lukaSomizi Mhlongo owashiya inkonzo iphakathi esontweni iGrace Bible Church ngeSonto ecikwa ukuphawula kukamfundisi ngezitabane.

Kukhona abeseka uSomizi nomphakathi we-LGBTI nalabo abathi lo saziwayo kufanele engabe uthukuthelele uNkulunkulu hhayi umfundisi njengoba ebeshumayela okubhalwe eBhayibhelini.

OLUNYE UDABA: UMboro usephawule ngolubandakanya usaziwayo odube inkonzo

Njengoba bekubukeka sengathi lolu daba seluyaphela, umculi wakuleli uBulelwa 'Zahara' Mtukutana ubhale enkundleni yezokuxhumana i-Intsagram ezwakalisa umbono wakhe naye.

NgoLwesithathu uZahara utshele abalandeli bakhe ukuthi abahambe bayoloba elabo iBhayibheli uma bengahambisani nokubhalwe kuleli.

"Bakwethu, niya ezinkonzweni nifike nifunde iBhayibheli enazithengela lona. Ngakho-ke musani ukukhetha uma sekukhulunywa ngezono zenu. Hambani niyozibhalela elenu iBhayibheli (uma ningahambisani nokuqukethwe yileli elaziwayo)," usho kanje.

Le nkulumo ayazeki noma ibibhekiswe kuSomizi noma cha njengoba kunguye oshiye phakathi inkonzo ngoba ecasulwe yintshumayelo. 

- Instagram:

 - The Citizen

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...