Uyelulama esibhedlela uMadikizela-Mandela

2017-10-20 09:31

Johannesburg - UWinnie Madikizela-Mandela uyelulama esibhedlela ngemuva kokuhlinzwa okuncane edolweni, kusho okhulumela yena.

"Ngesikhathi ngimvakashele, ubezihlalele, ekhuluma,” kusho uVictor Dlamini etshela iNews24 ngoLwesihlanu.

"UMadikizela-Mandela uzogcinwa esibhedlela amasonto amabili ukuqinisekisa ukuthi uthola ukuphumula okwanele, kanjalo ukuze nesimo sakhe siqashwe,” usho kanje esitatimendeni ngoLwesine ebusuku.

OLUNYE UDABA: Akukho engingakwenza uma uZuma engixosha - Ramaphosa

"Umndeni uzolokhu uwazisa umphakathi ngesimo sakhe.”

UMadikizela Mandela ungeniswe esibhedlela ngoLwesibili ebusuku, kanti udokotela wakhe wathi kubeyimpumelelo ukuhlinzwa kwakhe.

UDlamini uthe uMadikizela Mandela umtshele ukuthi inkinga yedolo yaqala ngesikhathi sobandlululo ngesikhathi esekudingisweni eBrandfort.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...