Uyazisola owazokhela ngomlilo ngoba indoda imjolela

2017-12-06 14:01

eGoli - UFelicia Mokeka, 35, uyazisola ngesenzo sakhe asenza ngoba nakhu ephatheke kabi ngemuva kokuthola ukuthi umyeni wakhe uyaphinga.

"Ayikho indoda ekufanele ikuholele ekwenzeni into enje," kusho lo wesifazane ohlala eVanderbijlpark, eVaal.

UMokeka utshele abephephandaba i-Daily Sun ukuthi ngenyanga kaJuni wazithela nge-spirit umzimba wonke wabe esezokhela ngomlilo.

"Ngaphila ngoba uNkulunkulu wayefuna ngifundise abantu ukuthi bafunda ngamaphutha ami," kusho yena.

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu kugwazana izelamani eNanda

UFelicia uthi wafika ekhaya ngaphambi kwesikhathi ngelinye ilanga ethi ufuna ukuthokozisa isithandwa sakhe.

Uthi kwaphambana izinkomishi wagcina ngokuphoxeka ngoba wafica isithandwa sakhe sikhuluma nomakhwapheni ngocingo simufake kwi-loud speaker.

UFelicia wayizwa yonke ingxoxo yabo nanokuthi umakhwapheni wabuza isoka ukuba uphi uFelicia isoka laphendula lathi: "Oh loyo, angimazi ukuthi ukuphi futhi anginendaba."

Uthi konke okwashiwo ngumyeni wakhe kwamphatha kabi kakhulu.

Wamlinda waze waqeda ngocingo maqede waziveza. "Wathuka kwaphela nasozwaneni engibona," kusho lo wesifazane.

Uthi impilo yabo yayimnandi ngaphambi kwalesi sigameko kodwa ubuhlungu ayebuzwa base budlulele.

Uthi ngesikhathi ezishisa, ngumyeni wakhe owacisha umlilo wamphuthumisa esibhedlela enamanxeba amabi okusha.


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...