Uyaveva owesimame oxoshwe ngoba enqabe ukulala nomqashi

2017-05-15 12:32

eMfekayi - UNcamisile Jobe, 35, ukhala ngokuthi umqashi wakhe esitolo esisendaweni umxoshe emsebenzini ngoba engafunanga ukulala nomnikazi wesitolo.

Lo wesimame uthi umnikazi wesitolo, okungowesilisa odabuka kwelase-Ethopia, wamvulela icala ngokumnukubeza kodwa akakaze aboshwe.

UJobe uthi sekuyacaca ukuthi kwenzeka le nto eyayishiwo yilo mqashi wakhe ngoba kuthiwa wayemtshela emehlweni ukuthi noma angazama ukumbophisa kodwa ngeke aphumelele.

Ngokubika kwephephandaba iSolezwe, lo wesimame uthi ngesikhathi eqala ukusebenza, umqashi wakhe wamtshela ukuthi uzophoqeleka ukuba alale esitolo ngoba kuvalwa ebusuku.

"Angizange ngibe nenkinga ngalokho ngoba bengizokonga imali yokugibela. Mina bengilala esitolo, yena elala kwelinye ikamelo eliseduze" kusho uJobe.

OLUNYE UDABA: Abakhangisi bengqephu benza ucansi okwangempela esikhangisweni.

Lo wesimame uthi ngosuku lokuqala walala kahle kungenakinga kodwa izinto zajika ngosuku lwesibili.

"Waqala wanqaba ukuphuma esitolo ngesikhathi sokuthi ngilale wathi ucela ukulala nami. Ngathuka kabi ngamtshela ukuthi ngeke kwenzeke lokho. Ngakusasa wayelokhu engipantsa ethi uyangihalela. Waze wafaka u-R200 emabeleni ami ezama ukungithenga," kuqhubeka yena.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa akwaMsane asaphenya ngalolu daba, uma seluphothuliwe lolu phenyo icala lizodluliselwa kuMqondisi wophiko lokushushiswa komphakathi ukuze athathe isinqumo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 7-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-14°C Sunny. Cool. Bloem: 2-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...