Uyavela umfundisi waseNigeria ngawokushushumbisa abantu

2017-11-01 12:30

Johannesburg -  Kulindeleke ukuba abuyele eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth namuhla (ngoLwesithathu) umfundisi waseNigeria, uTim Omotoso.

Le ndoda ibhekene namacala angu-22 ahlobene nawokuphambana nomthetho iSexual Offences Act, okubalwa kuwo namabili okudlwengula.

Lo mfundisi uphinde abhekane namanye amacala amahlanu okukhwabanisa nokuba kuleli ngokungemthetho.

OLUNYE UDABA:Uzogqunywa esitokisini umfundisi waseNigeria osolwa ngawocansi

NgoSepthemba wafaka isicelo sebheyili eveza okunye okusha.

Lo mfundisi ozinze eThekwini, usolwa ngokushushumbisa amantombazane angaphezu kwangu-30 nenqwaba yabesifazane abaphuma emagatsheni ahlukene ebandla lakhe, okubalwa elisePort Elizabeth, eKapa, eGoli naseBloemfontein.

Kusolwa ukuthi bonke la bantu besifazane namantombazane wayebagcine emzini oseMhlanga Ridge, KwaZulu-Natal, lapho ayebanukubeza khona ngokocansi.

Lo mfundisi zamkhalele esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth ngo-Ephreli ecabanga ukuthi uyohlangana nabameli bakhe.

Solokhu aboshwa, ugcinwe esitokisini.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-29 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...