Uyavela odedele intululwane yezinhlamvu kweyesikhumbuzo sesigebengu saseMlazi

2017-09-07 13:59

Durban - Indoda ededele intululwane yezinhlamvu enkonzweni yesikhumbuzo yesigelekeqe sodumo eMlazi, uSandile "Chillies" Bhengu ngoLwesithathu iboshwe ngamaphoyisa.

Kube sekutholakala ukuthi iyabandakanyeka enqwabeni yamacala okubamba inkunzi izimoto zemali kanye namacala okuphanga KwaZulu-Natal.

Amaphoyisa athe le ndoda, 43, iboshwe ngaphandle kwehholo lomphakathi eMlazi esigcwmeni sakwa-L lapho inqwaba yabantu ibuthelane khona enkonzweni yesikhumbuzo sikaBhengu, odutshulwe wabulawa amaphoyisa ngesonto eledlule ngesikhathi ezama ukweba imoto.

OLUNYE UDABA:Zizimisele ngokuziphindiselela izigebengu ngokushona kukaChillies

Le ndoda ithweswe icala lokudubula isibhamu ngokungemthetho, ukutholakala nesibhamu kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni.

Ilindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi namuhla (ngoLwesine).

Ukuboshwa kwale ndoda kuza ngemuva kokuba kutshalwe amaphoyisa kuleli lokishi eliseningizimu yeTheku kulandela umbhalo ozungeze ezinkundleni zokuxhumana, othi amalungu amaqembu ezigebengu azobe evivile eduna izimoto futhi ehlasela amaphoyisa emngcwabeni kaBhengu ngempelasonto.

- Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...