Uyavela obanjwe nemoto okusolwa ukuthi yadunwa e-E Cape

2018-03-20 09:28

Cape Town - Indoda eneminyaka engu-22 ubudala iboshelwe ukutholakala nemoto okusolwa ukuthi yadunwa, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

Ngokusho kwamaphoyisa, amalungu omphakathi wabikela amaphoyisa ngemoto eshayise uthango emzini oseKhayamnandi ngezithuba zabo-18:40.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yeisgameko afica imoto yohlob lweVW Polo ibandakanyeke engozini.

OLUNYE UDABA:Umdlali weChiefs uyamaniswa nemoto eduniwe

"Khonamanjalo, lona lolu hlobo lwemoto belufunwa ngamaphoyisa njengoba yadunwa kuGwali Street, Kwanobuhle, ngezithuba zabo-17:45. Uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi impela le moto yadunwa kwabe sekuboshwa indoda, 22, khona endaweni yesigameko. Imoto yayogcinwa emaphoyiseni ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo," kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Uitenhage ngoLwesibili ngecala lokutholakala nemoto eyebiowe nokushayela budedengu.

 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...